Jeremiah 44:28 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Abaphunyuka enkembeni bayakubuya ezweni laseGibithe, babuyele ezweni lakwaJuda, bengaba yingcosana ngomumo; yonke insali yakwaJuda eye ezweni laseGibithe ukuba igogobale khona iyakwazi ukuthi yiliphi izwi eliyakuma, elami noma elabo.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Abayakuphunyuka enkembeni bayakubuya eGibhithe, babuyele ezweni lakwaJuda, beyingcosana. Yonke insali yakwaJuda eye eGibhithe ukuba igogobale khona iyokwazi ukuthi ngelikabani izwi eliyakuma, elami noma elayo.