Jeremiah 49:1 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Ngabantwana bakwa-Amoni. Usho kanje uJehova, uthi: “U-Israyeli kanamadodana, kanandlalifa, na? UMilkomu udleleni ifa likaGadi, abantu bakhe bahlale emizini yakhe, na?
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Kubantu bakwa-Amoni. Usho kanje uSimakade, uthi: “Kanti u-Israyeli akanamadodana, akanandlalifa na? Kungani inkosi yabo idle elakwaGadi, nabantu bayo bahlala emizini yakhona na?