Jeremiah 50:33 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Abantwana bakwa-Israyeli nabantwana bakwaJuda bacindezelwe kanyekanye; bonke ababathumbileyo bababamba, abavumi ukuba bahambe.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Abantu bakwa-Israyeli nabakwaJuda bacindezelwe kanyekanye; bonke ababathumbileyo bababamba; ababavumeli ukuba bahambe.