Jeremiah 50:44 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Bheka, njengengonyama ekhuphuka ezihlahleni zaseJordani, iye endaweni eyinqaba, ngiyakubazuma, ngibagijimise, basuke kuyo; nobani okhethwayo ngiyakumbeka phezu kwabo, ngokuba ngubani onjengami, ngubani onginqumelayo, ngumuphi umalusi oyakuma phambi kwami, na?”
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Bheka, njengengonyama ephuma ehlozini eJordani, iya emadlelweni aluhlaza; ngiyakubazuma kanjalo abaseBhabhele, ngibaxoshe ezweni labo. Noma ngubani okhethiweyo, ngiyombeka ababuse. Ngokuba ngubani onjengami na? Ngubani ongangiphosela inselelo na? Yimuphi umelusi ongamelana nami na?”