Jeremiah 51:46 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Izinhliziyo zenu mazingadangali, ningesabi imibiko ezwakalayo ezweni, lapho kufika umbiko othile ngomunye umnyaka, bese kufika emva kwawo omunye ngomnyaka olandelayo, kube ngubudlova ezweni, umbusi avukele umbusi.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Izinhliziyo zenu mazingadangali, ningayesabi imibiko eniyizwa ezweni; lapho ngalo nyaka kufika umbiko othile, kuthi ngolandelayo kufike omunye umbiko; kube nobudlova ezweni, umbusi avukele umbusi.