Jeremiah 52:1 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
USedekiya wayeneminyaka engamashumi amabili nanye ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nanye eJerusalema; igama likanina lalinguHamuthali indodakazi kaJeremiya waseLibina.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
UZedekiya waqala ukubusa eneminyaka engama-21, wabusa iminyaka eli-11 eJerusalema. Igama likanina kwakunguHamuthali, indodakazi kaJeremiya waseLibhina.