Jeremiah 6:15 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Bayakuba namahloni, ngokuba benza izinengiso; nokho abanamahloni nakanye, abakhophozi; ngalokho bayakuwa phakathi kwabawayo; ngesikhathi sokubahambela kwami bayakukhubeka,” usho uJehova.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Abanamahloni ngenxa yezinengiso abazenzileyo, abanamahloni nakancane, abakwazi nokukhophoza; ngalokho bayakuwela kulabo asebewile; ngesikhathi sokubajezisa kwami bayakukhubeka,” kusho uSimakade.