Jeremiah 7:32 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Ngalokho bheka, izinsuku ziyeza, usho uJehova, elingasayikubizwa ngazo ngokuthi iThofeti nesigodi sendodana kaHinomu kepha isiGodi Sokubulala, ngokuba bayakumbela eThofeti, lokhu ingekho enye indawo.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Ngakho-ke bheka, izinsuku ziyeza, kusho uSimakade, lapho ingaseyukubizwa ngeThofethi nesigodi sendodana kaHinomu, kodwa iSigodi Sokubulala, ngokuba bayakungcwaba eThofethi, kuze kungabe kusaba bikho ndawo.