John 11:54 — Compare Translations
3 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Ngakho uJesu kabuyange esahamba obala phakathi kwabaJuda, kepha wamuka lapho, waya ezweni eliseduze nehlane emzini othiwa i-Efrayimi; wahlala khona nabafundi bakhe.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Ngakho-ke uJesu akabange esahamba obala phakathi kwabaJuda, kodwa wasuka lapho waya ezweni eliseduze nogwadule, emzini okuthiwa yi-Efrayimi. Wahlala lapho nabafundi bakhe.
Zulu 2023 (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Ngakho uJesu akabange esahamba obala phakathi kwabaJuda; kepha wamuka lapho, waya ezweni eliseduze nehlane emzini othiwa i-Efrayimi, wahlala khona nabafundi bakhe.