John 12:35 — Compare Translations
3 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Wayesethi kubo uJesu: “Kuseyisikhashana ukukhanya kukhona kini. Hambani nise nokukhanya, ukuze ubumnyama bunganehleli. Ohamba ebumnyameni akazi ukuthi uya ngaphi.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
UJesu wayesethi kubo: “Kuseyisikhashana ukukhanya kukhona phakathi kwenu. Hambani nisenokukhanya, ukuze ningaficwa ngubumnyama. Ohamba ebumnyameni, akazi ukuthi uya kuphi.
Zulu 2023 (Baasraak Zulu New Testament Bible)
UJesu wayesethi kubo: “Kuseyisikhashana ukukhanya kukini. Hambani nisenokukhanya, funa ubumnyama bunifikele, ngokuba ohamba ebumnyameni akazi lapho eya khona.