John 16:19 — Compare Translations
3 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
UJesu wazi ukuthi bebethanda ukumbuza, wathi kubo: “Niyabuzana ngalokho engikushiloyo ukuthi: ‘Kusezakuba yisikhashana ningabe nisangibona kubuye kube yisikhashana ningibone,’ na?
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
UJesu wayazi ukuthi bebefuna ukumbuza, wayesethi kubo: “Ngabe nibuzana ngalokho engikushilo yini, ngathi: ‘Kusezakuba yisikhashana, ningabe nisangibona, kubuye kube yisikhashana, ningibone’ na?
Zulu 2023 (Baasraak Zulu New Testament Bible)
UJesu wayesekwazi ukuthi babethanda ukumbuza, wathi kubo: “Niyabuzana ngokuthi ngithe: ‘Kuseyisikhashana nize ningangiboni, kubuye kube yisikhashana ningibone, na?