John 18:37 — Compare Translations
3 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Wayesethi uPilatu kuye: “Kanti nokho uyinkosi na?” UJesu waphendula wathi: “Usho khona. Ngiyinkosi; ngizalelwe lokho, ngafikela lokho ezweni ukuba ngifakazele iqiniso. Bonke abeqiniso bayalizwa izwi lami.”
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Wayesethi uPilatu kuye: “Kanti uyinkosi ngempela na?” UJesu waphendula, wathi: “Usho khona ukuthi ngiyinkosi; ngokuba ngazalelwa lokho, ngafikela lokho emhlabeni, ukuba ngifakazele iqiniso. Bonke abeqiniso bayalizwa izwi lami.”
Zulu 2023 (Baasraak Zulu New Testament Bible)
UPilatu wasesithi kuye: Ngakho wena uyinkosi yini? UJesu waphendula wathi: Wena uthi ngiyinkosi. Ngazalelwa lokho, futhi ngezela lokho ezweni, ukuze ngifakazele iqiniso. Bonke abeqiniso bayalizwa izwi lami.