John 19:31 — Compare Translations

3 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Khona abaJuda, ngokuba kwakungolokulungisela, ukuze izidumbu zingahlali esiphambanweni ngesabatha, ngokuba lolo suku lwesabatha lwalulukhulu, banxusa uPilatu ukuba yaphulwe imilenze yabo, basuswe.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Ngakho-ke abaJuda, lokhu kwakulusuku lokulungisela, nokuba izidumbu zingahlali esiphambanweni ngesabatha, ngenxa yokuba isabatha kwakulusuku olukhulu, bacela kuPilatu ukuba kwephulwe imilenze yababethelweyo, bese besuswa.
Zulu 2023 (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Ngakho abaJuda, njengoba kwakulilungiselelo, ukuba izidumbu zingahlali esiphambanweni ngesabatha, ngokuba lolo suku lwesabatha lwaluwusuku olukhulu, acela kuPilatu ukuba yephulwe imilenze yabo, bathathwe. kude.