John 2:9 — Compare Translations

3 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Umphathi wokudla ezwa amanzi aphenduke iwayini, engazi ukuthi livelaphi, kepha izinceku ezaziwakhile amanzi bezazi, umphathi wokudla wabiza umyeni, wathi kuye:
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Umphathi wokudla ezwa amanzi aphenduke iwayini, kodwa engazi ukuthi livela kuphi, kepha izinceku ezaziwakhile amanzi zazi, wabiza umyeni.
Zulu 2023 (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Kwathi umphathi wokudla esewanambithile amanzi abenziwe iwayini, engazi lapho elivela khona, (kepha izinceku ezaziwakhile amanzi zazisazi), umphathi wokudla wabiza umyeni;