John 6:22 — Compare Translations
3 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Ngangomuso isixuku esasingaphesheya kolwandle sabona kungekho omunye umkhunjana khona, sazi ukuthi ubumunye nje nokuthi uJesu wayengangenanga emkhunjini kanye nabafundi bakhe, kepha ukuthi abafundi bakhe babewele bodwa,
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Ngakusasa isixuku esasisele ngaphesheya kolwandle sabona ukuthi asikho esinye isikebhe lapho, kukhona esisodwa kuphela, nokuthi uJesu wayengagibelanga esikebheni nabafundi bakhe, kodwa babehambe bodwa.
Zulu 2023 (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Ngangomuso izixuku ezazimi ngaphesheya kolwandle zabona ukuthi kwakungekho sikebhe lapho, ngaphandle kwalowo ababengene kuwo abafundi bakhe, nokuthi uJesu akangenanga nabafundi bakhe emkhunjini, kodwa ukuthi abafundi bakhe. bahamba bodwa;