John 8:59 — Compare Translations
3 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Base bethatha amatshe ukuba bamkhande. Kepha uJesu wasithela, waphuma ethempelini.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Base becosha amatshe ukuze bamkhande ngawo, kodwa uJesu wafihlakala kubo, waphuma ethempelini.
Zulu 2023 (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Base bedobha amatshe ukuba bamjikijele, kepha uJesu wacasha, waphuma ethempelini, edabula phakathi kwabo, wadlula kanjalo.