Joshua 14:6 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
AbakwaJuda basondela kuJoshuwa eGiligali; uKalebi indodana kaJefune, umKhenizi, wathi kuye: “Uyalazi wena izwi uJehova alikhuluma kuMose umuntu kaNkulunkulu ngami nangawe eKadeshi Barineya.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
AbakwaJuda beza kuJoshuwa eGiligali; uKhalebhu, indodana kaJefune umKhenizi, wathi kuye: “Uyakwazi uSimakade akusho ngami nawe kuMose, umuntu kaNkulunkulu, eKadeshi Bharineya.