Joshua 22:23 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
ngokuthi sizakhele i-altare, sabuya ekumlandeleni uJehova; futhi uma kwakungukuba sinikele phezu kwalo ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yempuphu, nokuba sinikele ngemihlatshelo yeminikelo yokuthula phezu kwalo, uJehova uqobo makakubize.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
ngokuzakhela i-althare ukuze sihlubuke ekulandeleni uSimakade; noma uma lokhu sikwenze ukuze sinikele kulo iminikelo yokushiswa noma yokusanhlamvu noma yobudlelwane, uSimakade uqobo makaziphindiselele.