Joshua 24:17 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
ngokuba uJehova uNkulunkulu wethu nguye owasikhuphula thina nawobaba ezweni laseGibithe, indlu yobugqila, nowazenza lezo zibonakaliso emehlweni ethu, wasilondoloza endleleni yonke esahamba ngayo, naphakathi kwabo bonke abantu esadlula phakathi kwabo.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
ngokuba uSimakade uNkulunkulu wethu nguYena owasikhipha thina nokhokho bethu Gibhithe, endlini yobugqila, nowenza lezo zibonakaliso emehlweni ethu. Wasivikela endleleni yonke esahamba kuyo, naphakathi kwabo bonke abantu esedlula phakathi kwabo.