Joshua 5:13 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Kwathi uJoshuwa esengaseJeriko, waphakamisa amehlo akhe, wabona, bheka, nanso indoda malungana naye enenkemba yayo ihoshiwe esandleni sayo; uJoshuwa waya kuyo, wathi kuyo: “Uvuna thina noma izitha zethu na?”
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Kuthe uJoshuwa eseseduze kwaseJerikho, wathi ebheka, wabona indoda imi phambi kwakhe, iphethe inkemba esandleni. UJoshuwa waya kuyo, wathi: “Ungomunye wethu noma ungomunye wezitha zethu, na?”