Joshua 6:5 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Kuyakuthi lapho bekhalisa kade uphondo lwejubili* nalapho nilizwa izwi lecilongo, bonke abantu bakhamuluke ngokukhamuluka okukhulu, ugange lomuzi luwele phansi endaweni yalo, abantu bakhuphuke, yilowo nalowo aqonde phambili nje.”
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Kuyothi lapho beshaya uphondo lwenqama isikhathi eside, lapho nje nikuzwa ukukhala kwecilongo, bonke abantu bayakumemeza ngesaho esikhulu, udonga lomuzi luyakudilika bese bonke abantu begasela phakathi.”