Joshua 7:3 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Abuyela kuJoshuwa, athi kuye: “Mabangakhuphuki bonke abantu; makuhambe amadoda kungathi izinkulungwane ezimbili noma ezintathu, alichithe i-Ayi; ungabakhathazi bonke abantu ngokuya khona, ngokuba bayingcosana nje.”
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Abuyela kuJoshuwa, athi kuye: “Akudingekile ukuba kungakhuphuka yonke impi; akuhambe amadoda ayizi-2 000 noma ayizi-3 000 awuhlasele umuzi i-Ayi. Ngokuba ingumuzi omncane, makungakhuphuki wonke umuntu, kodwa abayingcosana.”