Joshua 8:14 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Kwathi inkosi yase-Ayi ikubona lokho, ashesha avuka ekuseni amadoda omuzi, aphuma ukuhlasela u-Israyeli, yona nabantu bayo, endaweni enqunyiweyo ngaphambi kwehlane; yayingazi nokho ukuthi babekhona abayiqamekeleyo ngasemva komuzi.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Lapho inkosi yase-Ayi ikubona lokho, yaphuma ngokushesha ekuseni, yona nabantu bayo, izakhamuzi zomuzi i-Ayi, baya endaweni ebhekene ne-Araba lapho impi yayibambene khona neyakwa-Israyeli, kodwa yayingazi ukuthi kukhona abayilalele unyendle emva komuzi.