Joshua 8:19 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Abaqamekeleyo bashesha basuka endaweni yabo, bagijima lapho eselula isandla sakhe, bangena emzini, bawuthatha; bawuthungela ngomlilo masinyane.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Wathi ukuba aselule isandla sakhe, ababebalalele unyendle bathi vumbu lapho babegwace khona, banikela emzini. Bangena emzini, bawudla, ngokushesha bawuthungela ngomlilo.