Joshua 8:33 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Bonke abakwa-Israyeli namalunga abo, nezinduna zabo, nabahluleli babo babemi ngalapha nangalapha komphongolo phambi kwabapristi bamaLevi abathwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova, abafokazi nabokuzalwa ekhaya, inxenye yabo ibhekene nentaba yaseGerizimu, inxenye yabo ibhekene nentaba yase-Ebali, njengalokho uMose inceku kaJehova ebeyalile, ukuba babusise abantu bakwa-Israyeli kuqala.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Bonke abakwa-Israyeli, abaholi, izinduna nabehluleli babo, abafokazi naboselwa, bama ngapha nangapha komphongolo wesivumelwano sikaSimakade phambi kwabaphristi babaLevi ababethwele umphongolo. Enye ingxenye yabantu yayiphambi kwentaba iGerizimu, enye ingxenye iphambi kwentaba i-Ebhali, njengokuba uMose, inceku kaSimakade, ayebayalile ukuze babusise abantu bakwa-Israyeli njengasezikhathini ezedlule.