Judges 14:19 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
UMoya kaJehova wafika kuye ngamandla, wehlela e-Ashikeloni, wabulala abantu abangamashumi amathathu kubo, wathatha isambatho sabo, wabanika abayiqandele imfumbe izingubo zokuphendulela. Intukuthelo yakhe yavutha, wenyukela endlini kayise.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
UMoya kaSimakade wehlela phezu kwakhe ngamandla, uSamsoni wayesehlela e-Ashikeloni. Wabulala amadoda angama-30, wawaphanga. Labo ababechaze imfumbe wabanika izingubo zokuphendulela. Wabuyela endlini kayise ethukuthele kakhulu.