Judges 15:19 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Kodwa uNkulunkulu wadabula isigoxi esiseLehi, kwaphuma amanzi kuso; lapho esephuzile, umoya wakhe wabuya, wahlumeleleka; ngalokho igama laso labizwa ngokuthi i-Eni Hakore eliseLehi kuze kube namuhla.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
UNkulunkulu wavula umgodi eLehi, kwaphuma amanzi kuwo. Esephuzile abuya amandla akhe, wavuseleleka. Ngakho-ke leyo ndawo yabizwa ngokuthi yi-Eni Hakhore, isekhona eLehi kuze kube namuhla.