Judges 16:17 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Wamtshela inhliziyo yakhe yonke, wathi kuye: “Akuthintanga mpuco ekhanda lami, ngokuba bengingumNaziri* kaNkulunkulu kwasesizalweni sikamame; uma ngiphuculwa, amandla ami ayakumuka kimi, ngiyakuba buthakathaka, ngibe njengomunye umuntu.”
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Ngakho-ke wayesemtshela yonke imfihlo yakhe, wathi kuye: “Ikhanda lami alikaze liphucwe ngensingo, ngokuba ngingumnaziri kaNkulunkulu kwasesibelethweni sikamame. Uma ngigundwa ayophela amandla ami, ngibe ntekenteke, ngifane nabo bonke abantu.”