Judges 16:3 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
USamsoni walala kwaze kwaba phakathi kwamabili; wavuka phakathi kobusuku, wabamba izivalo zesango lomuzi nezinsika zombili, wazincothula kanye nomgoqo, wazibeka emahlombe akhe, wazikhuphulela esiqongweni sentaba ephambi kweHebroni.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
USamsoni walala kwaze kwaba phakathi kwamabili, wavuka phakathi kobusuku wabamba iminyango yesango lomuzi nezinsika zalo zombili, wakubhoncula nomgoqo, wakuthwala emahlombe akhe, wenyukela nakho esicongweni sentaba eyayiphambi kweHebhroni.