Judges 16:31 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Base behla abafowabo nayo yonke indlu kayise, bamthatha, bamenyusa, bammbela phakathi kweSora ne-Eshitawoli ethuneni likaManowa uyise. Wamahlulela u-Israyeli iminyaka engamashumi amabili.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Kwase kwehla abafowabo, nabo bonke abendlu kayise, bamthatha, bakhuphuka naye, bamngcwaba phakathi kweZora ne-Eshithawoli, ethuneni likaManowa, uyise. Wayehlulele u-Israyeli iminyaka engama-20.