Judges 18:17 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Abantu abayisihlanu ababeyile ukuhlola izwe benyuka, bafika lapho, basithatha isithombe esibaziweyo, nengubo yamahlombe, namatherafi, nesithombe esibunjiweyo; umpristi wema ngasesikhaleni sesango kanye nabantu abangamakhulu ayisithupha bebhince izikhali zokulwa.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Lawo madoda ayisihlanu ayekade eyohlola izwe angena, athatha isithombe esibaziweyo, ingubo yamahlombe, itherafimi nesithombe esibunjiweyo. Umphristi wayemi ngasekungeneni kwesango namadoda angama-600 ayehlomile.