Judges 18:7 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Base bemuka labo bantu abayisihlanu, bafika eLayishi, babona abantu abakulo ukuthi basahlala belondekile ngendlela yamaSidoni, benokuthula, bengenaluvalo, ngokuba kwakungekho ezweni onamandla ukuba abajabhise ngalutho; babekude namaSidoni, bengenandaba nabanye abantu.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Amadoda amahlanu aqhubeka nohambo, kwathi lapho efika eLayishi, abona ukuthi abantu abalapho bahleli ngokuvikeleka, njengamaSidoniya, banokuthula, abaxwaye lutho, akukho lutho ezweni olwalungabajabhisa, futhi bacebile. Ngaphezu kwalokho babehlala kude namaSidoniya, futhi bengazihlanganise namuntu.