Judges 19:18 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Wathi kulo: “Siyadlula sivela eBetlehema Juda, siya ohlangothini olungasemuva kwezintaba zakwa-Efrayimi; ngivela khona; ngaya eBetlehema Juda; sengiya endlini kaJehova, kepha akukho muntu ongamukela endlini yakhe.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Indoda yaphendula yathi: “Siyedlula, sivela eBhethlehema kwaJuda, siya endaweni ekude kwelezintaba kwa-Efrayimi, lapho ngingowakhona. Bengiye eBhethlehema kwaJuda, manje sengibuyela endlini kaSimakade. Akukho muntu ongingenisile kwakhe.