Judges 19:22 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Besajabulisa izinhliziyo zabo, bheka, abantu bomuzi, abantu ababi, bahaqa indlu nxazonke, bangqongqotha emnyango; basho kumninindlu, ixhegu, bathi: “Khipha lowo muntu owangena endlini yakho ukuba simazi.”
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Besazijabulisa, kwatheleka abantu bakulowo muzi, ababekhohlakele kakhulu, bazungeza indlu, baqala ukungqongqotha emnyango, bethi ekhehleni elingumninindlu: “Khiphela phandle umuntu ongenise endlini yakho ukuze silale naye.”