Judges 2:18 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Lapho uJehova ebavusela abahluleli, uJehova wayenaye umahluleli, wabasindisa esandleni sezitha zabo izinsuku zonke zomahluleli, ngokuba uJehova waba nesihe ngokubulawa kwabo ngenxa yababacindezelayo nababakhathazayo.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Noma yinini lapho uSimakade ebavusela abehluleli, uSimakade wayeba naye umehluleli, futhi wayebakhulula esandleni sezitha zabo ngazo zonke izinsuku zalowo mehluleli, ngokuba uSimakade wayeba nozwelo lapho sebebubula ngenxa yalabo ababebacindezele, bebahlupha.