Judges 20:31 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Abantwana bakwaBenjamini baphuma ukulwa nabantu, badonswa, baphuma emzini; baqala ukubulala nokuceka abantu njengakwezinye izikhathi emendweni, omunye okhuphukela eBethele, omunye oya eGibeya ensimini, kungathi amadoda angamashumi amathathu kwa-Israyeli.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Lapho abakwaBhenjamini bephuma ukuyokulwa nabakwa-Israyeli, yabaheha eyakwa-Israyeli ukuba baqhele emzini. AbakwaBhenjamini baqala ukubulala, nokulimaza amabutho, kwasala amadoda angama-30 akwa-Israyeli enkundleni, emigwaqweni, nasendleleni eqonde eBhethele naseGibheya.