Judges 8:10 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
OZeba noSalimuna babeseKarkori, izimpi zabo zinabo kungathi abantu abayizinkulungwane eziyishumi nanhlanu, bonke ababesele empini yonke yabasempumalanga, ngokuba kwakuwile abantu abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili abahloma inkemba.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Ngaleso sikhathi uZebha noZalimuna babeseKharikhori nebutho labo, elalingamadoda ayizi-15 000, ayesale empini yabantu basempumalanga, ngoba kwakufe ngenkemba amadoda ayizi-120 000 ayehlome ngenkemba.