Lamentations 2:13 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Ngingafakaza ngokuthini ngawe, ngikufanise nani, ndodakazi yaseSiyoni, na? Ngingakulinganisa nani ukuba ngikududuze, ntombi eyindodakazi yaseSiyoni na? Ngokuba ukuchitheka kwakho kukhulu njengolwandle. Ngubani ongakuphulukisa na?
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Ngingafakaza ngithini ngawe Jerusalema na? Ngingakuqhathanisa nani na? Ngingathini kuwe ukuze ngikududuze, ntombi eyindodakazi iZiyoni na? Ngokuba incithakalo yakho ibanzi njengolwandle; ngubani ongakwelapha na?