Leviticus 22:18 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
“Yisho ku-Aroni, nakumadodana akhe, nakubo bonke abantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Yilowo nalowo wendlu ka-Israyeli noma umfokazi kwa-Israyeli onikela ngomnikelo wakhe, noma owesithembiso sakhe noma oweminikelo yakhe yesihle, okunikelwa ngayo kuJehova ibe ngumnikelo wokushiswa,
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
“Yisho ku-Aroni namadodana akhe, nabo bonke abantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Yilowo nalowo wendlu yakwa-Israyeli noma ongumfokazi kwa-Israyeli, onikela ngomnikelo wakhe ngenxa yesifungo nanoma yisiphi, noma umnikelo wakhe wesihle, uyowunikela kuSimakade, ube ngumnikelo wokushiswa.