Luke 11:46 — Compare Translations

3 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Kepha wathi: “Maye nakinina zazimthetho, ngokuba nithwesa abantu imithwalo ethwaleka kalukhuni! Nina-ke uqobo lwenu aniyithinti leyo mithwalo nangowodwa weminwe yenu.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Kepha uJesu wathi: “Maye, nakini zazimthetho, maye, ngokuba nithwesa abantu imithwalo enzima! Nina uqobo lwenu nibe ningayithinti leyo mithwalo nangowodwa weminwe yenu.
Zulu 2023 (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Wathi: “Maye kinina zazimthetho! Ngokuba nithwesa abantu imithwalo enzima, kepha nina ngokwenu aniyithinti imithwalo nangomunye weminwe yenu.