Luke 12:24 — Compare Translations
3 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Bhekani izingwababana ukuthi azihlwanyeli, azivuni, azinaxhiba nanqolobane, kepha uNkulunkulu uyazondla; nina nizidlula kakhulu kangakanani izinyoni.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Ake nibheke nje amagwababa; awalimi, awavuni, futhi awanazilulu nazinqolobane, kepha uNkulunkulu uyawondla. Kakhulu kangakanani-ke nina eniyigugu ukwedlula izinyoni!
Zulu 2023 (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Bhekani amagwababa, ngokuba awahlwanyeli, awavuni; elingenazinqolobane nanqolobane; uNkulunkulu uyazondla; nina nizidlula kangakanani izinyoni na?