Luke 12:27 — Compare Translations

3 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
“Bhekani iminduze ukuthi imila kanjani; ayiphothi, ayaluki, kepha ngithi kini noSolomoni ebukhazikhazini bakhe bonke wayengembathisile okomunye wayo.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
“Bhekani nje, nansi iminduze yasendle, ukuthi ikhula kanjani. Ayizikhandli, ayizithungeli zembatho, kodwa ngithi kini: ngisho noSolomoni, ebukhazikhazini bakhe bonke, wayengavunulisile okomunye wayo.
Zulu 2023 (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Bhekani iminduze ukuthi imila kanjani; ayikhandleki, ayiphothi; kodwa ngithi kini: USolomoni enkazimulweni yakhe yonke wayengavunule njengomunye wayo.