Luke 14:21 — Compare Translations
3 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
“Isibuyile inceku yabika lokho enkosini yayo. Khona umninindlu wathukuthela, wathi encekwini yakhe: ‘Khawuleza, uye emigwaqweni nasemingcingweni yomuzi, ungenise lapha abampofu, nezilima, nezimpumputhe, nezinyonga.’
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
“Inceku isibuyile, yayibikela inkosi yayo ngalokho. Umninindlu wathukuthela, khona wayesethi encekwini yakhe: ‘Phuthuma, uye emigwaqweni nasemihubheni yomuzi; ungenise lapha abampofu, abakhubazekile, izimpumputhe, nezinyonga.’
Zulu 2023 (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Yafika leyo nceku, yabikela inkosi yayo lokho. Khona umninindlu wathukuthela, wathi encekwini yakhe: Phuma masinyane, uye emigwaqweni nasemigwaqweni yomuzi, ungenise lapha abampofu, nezilima, nezinyonga, nezimpumputhe.