Luke 14:5 — Compare Translations
3 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Wathi kubo: “Ngumuphi kini ongathi indodana noma inkabi iyele emgodini, angayikhiphi masinyane ngosuku lwesabatha, na?”
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Wayesethi kubo: “Ngubani kini okungathi indodana yakhe noma inkabi yakhe ikhalakathele emgodini, angaphuthumi ayikhiphe, ngosuku lwesabatha na?”
Zulu 2023 (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Wabaphendula wathi: “Ngumuphi kini ongathi imbongolo noma inkabi iwele emgodini, angayikhiphi masinyane ngosuku lwesabatha na?