Luke 22:47 — Compare Translations

3 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Esakhuluma, bheka, kwafika isixuku; naye othiwa uJuda, omunye wabayishumi nambili, wayehamba phambi kwabo, wasondela kuJesu ukumanga.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Esakhuluma, kwatheleka isixuku siholwa nguJuda, omunye wabali-12, wasondela kuJesu ukuba amange.
Zulu 2023 (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Esakhuluma, bheka, isixuku, naye othiwa uJuda, omunye wabayishumi nambili, wayehamba phambi kwabo, wasondela kuJesu ukumanga.