Luke 23:8 — Compare Translations
3 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Kwathi uHerode embona uJesu, wathokoza kakhulu, ngokuba kwase kukade efuna ukumbona, lokhu ebezwile ngaye; wayethemba ukuthi uzakubona isibonakaliso esithile senziwa nguye.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
UHerode lapho ebona uJesu, wathokoza kakhulu, ngokuba kwase kuyisikhathi eside efisa ukumbona, lokhu wayesezwile ngaye futhi enethemba lokuthi uzakubona isibonakaliso esithile senziwa nguJesu.
Zulu 2023 (Baasraak Zulu New Testament Bible)
UHerode embona uJesu wajabula kakhulu, ngokuba kwase kuyisikhathi eside efuna ukumbona, lokhu ebezwile ngaye; wayethemba ukuthi uzobona isibonakaliso senziwa nguye.