Luke 7:39 — Compare Translations

3 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Kuthe umFarisi obemmemile ekubona, wazindla wathi: “Uma lo ebengumprofethi, nga emazi lo wesifazane omphathayo ukuba ungubani nokuba unjani, ngokuba uyisoni.”
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Kepha lapho umFarisi owayemmemile ekubona lokhu, wadlinza wathi: “Lo muntu ukuba ubengumphrofethi, ngabe wazile ukuthi ngubani futhi uluhlobo luni lo wesifazane omthintayo, ngokuba uyisoni.”
Zulu 2023 (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Kwathi ekubona lokho umFarisi owayembizile, wakhuluma phakathi kwakhe, wathi: “Lona, ukuba ubengumprofethi, ngabe uyazi ukuthi ungubani nokuthi unjani owesifazane omthintayo, ngokuba uyisoni.