Luke 8:16 — Compare Translations

3 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
“Akakho othi esokhela isibani, asimboze ngesitsha nokuba asibeke phansi kombhede, kepha usifaka othini, ukuze abangenayo babone ukukhanya.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
“Akekho othi angokhela isibani, bese esimboza ngesitsha noma asibeke phansi kombhede, kodwa usifaka othini, ukuze abangenayo babone ukukhanya.
Zulu 2023 (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Akakho othi esokhela isibani, asimboze ngesitsha, noma asibeke ngaphansi kombhede; kodwa ulubeka othini lwesibane, ukuze abangenayo babone ukukhanya.