Luke 8:29 — Compare Translations
3 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Ngokuba wayala umoya ongcolileyo ukuba aphume kulowo muntu. Ngokuba wayesembambe kaningi; walindwa eboshwe ngawozankosi nangamaketanga ezinyawo; kepha wathi esegqabule izibopho, waqhutshelwa yidemoni ehlane.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
ngokuba uJesu wayesewuyalile lo moya omubi ukuba uphume kulo muntu. Izikhathi eziningi, lo moya wawusumbambe kaningana, kwale noma eseboshwe ngozankosi nangamaketango ezinyaweni, eqashelwe. Wayezigqabula izibopho; wayeqhutshwa yilawo madimoni, amuyise ehlane.
Zulu 2023 (Baasraak Zulu New Testament Bible)
(Ngokuba wayeyalile umoya ongcolileyo ukuba uphume kumuntu, ngokuba wawumbambe kaningi, eboshiwe ngamaketanga nangamaketanga, wazigqabula izibopho, waqhutshelwa nguSathane ehlane.)