Luke 9:45 — Compare Translations

3 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Kepha abakuzwisisanga lokho kusho, kwakusithekile kubo, ukuze bangakuqondi; besaba ukumbuza ngalokho kusho.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Kabaqondanga ukuthi isho ukuthini inkulumo yakhe, ngokuba yayifihliwe kubo, funa bayiqonde, futhi besaba ukumbuza ngayo.
Zulu 2023 (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Kodwa kabaliqondanga lelilizwi, njalo lalifihlakele kubo, ukuze bangaliqondi; basebesesaba ukumbuza ngalelolizwi.